Skip to main content

By: Nhlanhla Mbokazi

Inhlangano yamatekisi, i-Santaco isinxuse abagibeli ukuthi abambe iqhaza nabo ekuqinisekiseni ukuphepha kwabo ematekisini njengoba kuza amaholidi okuphela konyaka.

Lenhlangano ithi abagibeli akumele bavume ukungena etekisini esigcwele noma engakulungele ukuba semgaqweni.

iSANTACO isho kanjena njengoba isiqale uhlelo lokuqeqesha amalungu eHlokomela ePietermaritzburg, ngenhloso yokuwafundisa ukuhlola izithuthi kanye nabashayeli bazo.

Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM, obhekelele uhlelo i-Hlokomela kuzwelonke, uBafana Magagula, usephinde wanxusa abagibeli ukuthi babike uma behlangabezana nezinkinga ematekisini.

“Siyabayala nabagibeli ukuthi bangangeni uma imoto bebona ukuthi igcwekle, ngoba lomuntu othi ngicuphise ukuze ngifike ekhaya.

Angahle adale ukungafiki nakwabanye emakhaya naye angabe esafika ngokucupha kwakhe,” kubeka uMagagulela.