Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Isigungu sesikole samabanga aphezulu i-SGB eMpolweni eMshwathi ngaphandle nedolobha iMaritzburg sithi sinethemba lokuthi uphenyo mayelana nokushiswa kwesikole lusazoqhubeka.

lcala labasolwa abane lingene enkantolo ka Mantshi e New Hanover, ngaphandle kwedolobha iMariztburg kanti isinqumo senkantolo sokudedela laba abanye abasolwa abathathu asizange sehle kahle emphakathini.

Uyedwa umsolwa okungu Sanele Sikhakhane ovele enkantolo wabekwa icala lokweba, nelokutholakala nempahla yesikole entsontshiwe kanti kumanje uvalelwe ngaphakathi.

Lesikole sishiswe ngolwesThathu nalapho kwasha khona amagumbi amane.
USihlalo we SGB uSiphakamiso Majola uthi inkantolo kumele ithole imbangela yokushiswa kwesikole futhi lokhu ikuthathele izinyathelo.

“Besikule case ekade kuzobingelela abasolwa, inkantolo ibize umsolwa oyedwa kwawuyena ovelayo kodwa kuvele into yokuntshontsha istembu nezinto ezincane zesikole.

“Into esiphatha kabi ukuthi akuveli ukusha kwesikole kanti kuma social networks siyababona bezivumela ukuthi ibona abashise isikole baze basho ukuthi basishisa kanjani, bachaza ukuthi kade becisha ubufakazi,” kubeka uSiphakamiso.