Skip to main content

Bright Ntuli

Icala lokubulawa komculi uKiernan AKA Forbes kanye nomngani wakhe uTebello Tibz Motsoane kulindeleke ukuthi liqhubeke nanamhlanje enkantolo ePhakeme eThekwini.

UBaba kaMotsoane uSylvester Motsoane uthi unethemba lelicala ngeke lidonse isikhathi eside futhi ubulungiswa bazobuthola njengomndeni.

UForbes kanye noMotsoane badutshulwa babulawa ngo February wango 2023 ku Florida Road eThekwini.

Abasolwa abangu 7 babhekene namacala okuzama ukubulala, ukubulala kanye nokuhlela ukubulala phakathi kwamanye.

Izolo bawaphike wonke lamacala enkantolo. Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkatolo, uMotsoane usebeke kanje.

“Im a very hard person, Im strong and I am over this. I have accepted that my son is dead, my wife is dead and they wont come back.”

He added, “I have accepted that, so nothing is going to trigger me,”

Yize lelicala seliqhubeke imiminyaka emithathu, ukushushiswa kwabasolwa kuqale ngoMsombuluko.

Kulindeleke ukuthi uma kuphela unyaka kube sekutholakele ukuthi ngabe laba basolwa abaphambi kwenkantolo kwakuyibo ngempela yini abasoconga elinye lamaciko ayigugu kuleli lomculo wohlobo lwe Hip Hop kanye nomngani wakhe u ‘Tibz’.

Cofa ngezansi ukuzwa amazwi ka Motsoane