Skip to main content

By: Bright Ntuli

Imifelandawonye yezinyunyana zabasebenzi iCosatu kanye ne Saftu, seyisamukele isabelo mali esethulwe nguNgqongqoshe wezezimali uEnoch Godongwana.

Lemifelandawonye ithi nakuba lesabelo mali sethule nezinhlelo ezibalulekile nezinenqubekela phambili, kodwa zinakho ukukhathazeka ngokuthi kungenzeka singabi nemiphumela edingeka kakhulu yokukhuthaza umnotho wakuleli.

Izolo uGodongwana wethule isabelo mali ebese sibuyekezwe okwesithathu nesesamukelwe kangcono kunalezi ezinye ezimbili azethula phambilini. 

Oyisikhulumi seCosatu uMatthew Parks uthi bayakujabulela ke nokho ukuhoxiswa kokwenyuswa kwentela yentengo iVat, kanye nokufakwa kwemali ekuqashweni kwabasebenzi bakahulumeni ekubalwa kubo odokotela, amaphoyisa kanye nothisha.

Kanti ekhulumela iSaftu uNewton Masuku, uthi nakuba bekuncoma, ukuthi izindlela zokusebenzisa imali kusukela ngo-2008 kuya ku-2025 zikhombisa ukwenyuka kodwa lokhu kuza emva kweminyaka engaphezu kweyishumi yokuncishiswa kwemali eyabelwa iminyango eyahlukene.