By: Xolani Khumalo
IGood Party ithi kumele kuqine ukuvikelwa kwabo bonke ofakazi kanye nalabo abampimpa izenzo zenkohlakalo nobugebengu.
Lokhu kulandela isigameko esiyindida nesisethuse abaningi sokubulawa kukafakazi uMarius Van Der Merwe, igama lakhe ebelicashisiwe ebizwa ngo “Witness D” ngenkathi ethula ubufakazi phambi kwakhomishana kaMadlanga ngenyanga eyedlule.
UVan Der Merwe udutshulwe wabulawa ngaphandle kwekhaya lakhe eBrakpan eGauteng ngoLwesihlanu ebusuku.
Ongunobhala jikelele we-Good Party uBrett Herron uthi uma labo obathinteka enkohlakalweni besazihambela bekhululekile bese kuthi labo abamele iqiniso kube yibona abambelwa amathuna isikhathi sabo singakafiki, abukho ubulungiswa obuyobakhona.
“Uma ofakazi nezimpimpi zingavikelwa, zizosaba ukuza phambili zibike ngezenzo zobugebengu ngenxa yokusaba umthelela lokhu okungaba nawo. Ukubulawa ngesihluku kuka Marius Van Der Merwe kukukhombisile ukuthi kuyingozi kangakanani ukuba ngufakazi ngisho igama ligodliwe,” kubeka uHerron.




