By: Zilungile Mkhize
Ihhovisi likamengameli lithi akulona iqiniso ukuthi uCyril Ramaphosa uthule ngamabomu ngezinsolo ezenziwe ukhomishana wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi, kodwa yingoba zidalulwe engekho ezweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhwanazi ngempelasonto edlule, washaqa iNingizimu Africa yonkana, ngenkathi edalula izinsolo zenkohlakalo ezithinta izikhulu kwezokuphepha nokubalwa kuzo nongqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu.
Selokhu kuqale leliviki ke, izinhlangano zezombusazwe, ezomphakathi kanye nezakhamuzi zihlaba ikhwelo lokuthi umengameli aphawule athathe nezinyathelo ezinqala. Nokho bekungakaze kuzwakale lutho ehhovisi lakhe.
Okhulumela ihhovisi likaRamaphosa uVincent Magwenya uthi imbangela yalokhu ukuthi umengameli ubengekho kulelizwe ephume ngokomsebenzi eye phesheya ezweni lase Brazil.





