Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Oyilunga labaseshi kwithimba eliphenyo ngokubalawa kosopolitiki iPKTT uMaxwell Wanda useveze ukuthi uphiko loklebe lwagxambukela laphazamisa ngokusobala umsebenzi wamaphoyisa.


Ngokusho kwalelilunga ngesikhathi amaphoyisa engunyazwe inkantolo ukuyobopha usomabhizinisi uKatiso “KT” Molefe ngoDecember wangonyaka emzini wakhe eSandhurst eGoli, kwaba nesiphithiphithi, kufika iqulu lama-Hawks, nokwadala enkulu indida.


Uthi lokhu kwamxaka ngoba bona babeyiphethe imvumo yokubopha uMolefe abayinthola kuMantshi.
uWanda wathola ukuxakaziseka, yilamalunga ophiko loklebe ekusolakala nokuthi engathi ayejutshwe ukuzovikela uMolefe.