By: Sthulile Mdletshe
Ikomidi lephalamende elibhekelele ezamajele selizwakalise ukuthi libuyekeza imithetho futhi libheka nezindlela zokunciphisa ukugcwala ngokweqile kwamajele akuleli.
Lithi lokhu kubala nokunciphisa isikhathi esihlalwa ngabasolwa ezitokisini ngaphambi kokuthi kuqulwe amacala abo.
Lelikomidi lisho kanje kulandela ukuthi iKhomishana eyengamele ezobulungiswa iJSC yethule umbiko wayo wekota yokuqala yonyaka wezimali u-2025/26.
Lombiko uveza inkinga enkulu yesibalo esiphezulu sabantu abasemajele abalinde ukuqulwa kwamacala abo, ekubeni amajele njengamanje egcwele ngesibalo esingaphezulu kuka hhafu weziboshwa okumele abe nazo.
Ezinye zezinto ezikhathazayo ezethulwe ephalamende ngesikhathi udaba lokuminyana emajele aseNingizimu Afrika lusematheni, ukushoda kwabasebenzi kanye nonogada ezitokisini.
Lomthetho ubikwa umqondisi wezomthetho uThembelihle Nhlanzi-Ngema.



