By: Sthulile Mdletshe
Ikomidi lephalamende elibhekele ezemfundo ephakeme lithi likhathazekile ngokuqashwa kwabantu bakwamanye amazwe emakolishi nasemanyuvesi akuleli ezikhundleni ezingadingi amakhono ayikhethelo.
Lelikomidi lithi lokhu akuwenzi umqondo ophusile njengoba lelizwe libhekene nengwadla yokuntuleka kwemisebenzi ikakhulukazi entsheni.
Lisho kanjena njengoba liqhubeka nokuvakashela izikhungo zemfundo ephakeme ukucwaninga amabhuku azo ezimali.
Ilungu lalelikomidi u-Ashley Sauls lithi bakhathazeke kakhulu ngokuthi amanye amanyuvesi ayehluleka ukubeka phambili abantu baseNingizimu Afrika ngeqhaza lezemfundo, nelokuphatha, elingadingi amakhono angandile noma akhethekile.



