By: Xolani Khumalo
Inkantolo ephakame yasePitoli isichithe isicelo seMK Party ebifuna ukuthi sihlonzwe njengesingekho emthethweni isinqumo sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokubeka uNgqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu ekhefini lesikhashana.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngenxa yophenyo olusaqhubeka olubandakanya uNgqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu uRamaphosa wanquma ukuthi Mchunu akathi ukuhlaba ikhefu eliyisipesheli lezinyanga ezingu 6 ehleli ekhaya, kodwa ebe ehola umholo ophelele – nokuyinto iMK Party engahambisani nayo.
Sekungokwesithathu leliqembu likhala ngaphansi enkantolo ngaloludaba, njengoba ngo July inkantolo yoMthethosisekelo yaluchitha loludaba, kanti nango September lachithwa ngesizathu sokuthi aluphuthumi.
iMK P kanye nomholi wayo uJacob Zuma, bathi uMengameli uRamaphosa wephula umthetho emva kwesithangami sabezinda esabizwa nguKhomishana wamaphoyisa eKZN uGeneral Lieutenant Nhlanhla Mkhwanazi, nalapho asola khona uMchunu ngokuba umbimbi nemiguludu.
Inkantolo iphinde yachitha esinye isicelo seMK party sokuphonsela inselelo ukuqokwa kuka Firoz Cachalia njengo Ngqongqoshe wamaphoyisa wesikhashana, kanye nokusungulwa kwekhomishana kaMadlanga.
I-Jaji ebelisingethe lelicala uAnthony Millar linqume ukuthi uMongameli akaphambukanga nhlobo ngokunika uMchunu ikhefu ngoba alikho icala abesatholwe nalo, futhi ukusungulwa kwekhomishana kaMadlanga kusemthethweni.




