Skip to main content

By: Pamella Majola

UMeya kaMaspala waseBaqulusini enyakatho yeKZN uSifiso Mkhwanazi uthi izingozi eziningi eziba ngezikhathi zamaholidi, zidalwa abashayeli abashayela budedengu nabasuke becwile ezinkambeni zika faro.

UMkhwanazi usho kanje ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wezokuphepha emgwaqweni uR34 obuhanjelwe amaphoyisa omgwaqo kanye nezinye izinhlaka zezokuphepha.

Uqhuba ngokuthi njengoba kulempelasonto abantu abaningi bezohamba amabanga amade beya ezinkonzweni, kumele kwenziwe isiqinseko sokuthi izimoto abahamba ngazo zisesimweni esikufanele ukuba emgwaqeni.

Lomkhandlu uphinde wagasela amabhizinisi asedolobheni i-Vryheid uhambisana nomnyango wezasekhaya, nala uthole khona ukuthi kunabantu abanamabhizinisi kodwa abangenazo izimvume zokuba kulelizwe.

Kanti abanazo izimvume, baqashe abantu abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli.

UMkhwanzi uthi lokhu kuwukwephula imithetho yalapha eNingizimu Afrika.