By: Pamella Majola
IMeya yoMkhandlu waseMadlangeni eUtrecht entshonalanga esenyakatho yeKwaZulu-Natal, uMzwakhe Buthelezi usenxuse abantu abasha ukuthi bangayishayi indiva imizamo kahulumeni wendawo yokubasiza ukuthi bazithuthukise.
Ekhuluma nabezindaba zeGagasi FM, uButhelezi uthi kubalulekile ukuthi intsha izibandakanye ezinhlakeni ezihlose ukwakha ikusasa labo, ukuze igweme ukuwela ezinkingeni zokwenza izinto eziphambebe nengalo yomthetho.
uButhelezi ukusho lokhu njengoba uMasipala waseMadlangeni usungule izinhlelo ezihlanganisa ezemidlalo kanye nobuciko, ngenhloso yokugqugquzela intsha ukuba izivocavoce ukuze izohambela kude nezidakamizwa kanye nobubugebengu
Uphinde waveza nokuthi lolu hlelo seluqalile ukuthela izithelo ezinhle njengoba libonakala lehla nezinga lentsha ezibandakanye emacaleni obugebengu kanye nophuzo oludakayo





