Skip to main content

By: Pamella Majola

Umndeni wasebukhosini baKwaZulu usukuqinisekisile ukuthi ubhekene nezinkinga zezimali futhi usufuna kungenelele uhulumeni ukuze kubunjwe uhlaka oluzimele oluzophatha izimali zawo.

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthi lolu daba selufinyelele ezindlebeni zomphakathi nosekuholele ekutheni kube nemibiko engamanga ethi iSilo uMisuZulu kaZwelithini sicele umnikelo ka-R10 kumuntu ngamunye esizweni.

Uthi basezinhlelweni zokuzimela ngesikhwama sezimali sendlu yasebukhosini.

Umntwana uZulu wengeza ngokuthi ngeke bakukhiphe ngokuphelele ukwesekwa nguhulumeni kodwa badinga uhlangothi oluphatha izimali zabo luzimele.