By: Bright Ntuli
Inhlangano elwisana nokucwaswa kwabokufika kulelizwe i-Kopanang Africa ithi ikhathazekile ngezigameko ezilokhu ziqhubeka zokuvinjwa kwabantu bakwamanye amazwe ukuthi bangene ezikhungweni zezempilo zikahulumeni yizinhlangano ekubalwa kuzo i-Operation Dudula kanye namanye amaqembu.
Okhulumela lenhlangano, uDorothia Mabelebele usho kanje kulandela ukuboshwa kwabesifazane abathathu emtholampilo i-Lillian Ngoyi eDiepkloof, eSoweto ngemuva kokuphoqa iziguli ukuthi ziveze omazisi bazo, ukuqinisekisa ubuzwe bazo.
Kanti nalapha eKZN kuke kwaqubuka imibiko yokuvinjwa kweziguli zangaphandle, ezibhedlela ekubalwa kuzo iPrince Mshiyeni Memorial eMlazi kanye ne King Dinuzulu ngaphandle kwedolobha iTheku.
Uqhuba ngokuthi njenge iKopanang Africa, bafuna uhulumeni kanye namaphoyisa bathathe izinyathelo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi izenzo ezifuze lezi aziqhubeki.



