By: Zilungile Mkhize
Zibukeka zanda izinkinga ezibhekene nomholi we-EFF uJulius Malema, njengoba manje inhlangano yamabhunu i-AfriForum kanye ne-Southern African Agri Initiative, i-Saai, bememezele izinhlelo zokuthi zifuna kuvalwe iculo lomzabalazo elithi ‘Kill the Boer’ emhlabeni jikelele.
Lezinhlangano zithi zifuna noMalema afakwe unswinyo.
Sezethule umqulu wazo i’Malema Dossier’, lapho zichaza khona ngezinsolo zenkulumo enenzondo, inkohlakalo nokweseka amaphekula.
Okhulumela iAfriForum u-Ernst van Zyl uthi bazokwethula lomqulu eMelika nase mazweni ase Europe, bachaze nokwehluleka kwenkantolo yomthetho sisekelo yakuleli ukwenza uMalema aziphendulele ngamacala athinta inzondo.


