Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Inkantolo yomthethosisekelo isiphume nesinqumo esiyingqopha mlando esiphasisa ukuthi kubashadikazi, owesilisa avunyelwe ukushintsha isibongo sakhe athathe esomkakhe.

Lokhu kusho ukuthi sekuzoba nezinguquko emthethweni ka-Section 26 njengoba inkantolo enkulu isihlonze isigatshana salomthetho njengephikisana kakhulu namalungelo okulingana ngokobulili akumthethosisekelo.

Inkantolo iphume nalesiqumo emva kokuthi izithandani ezimbili ziludlulisele kuyo loludaba, inkantolo yabe isilubuyekeza.

Ijaji uLeon Theron lithi lomthetho ubukela phansi isithunzi sabesifazane njengoba wenza kubukeke engathi abesilisa yibo abangaphezu kwabesimame.

UTheron uselinike umnqamulajuqu wezinyanga ezingu-24 iphalamende ukuthi lenze izinguqoko ezifanele, liqinisekise ukuthi abesilisa nabo bayakwazi ukukhetha ukubizwa ngesibongo samakhosikazi uma sebeshadile.