Isihluku Ingane Inukubezwa Umalume Noyise Ongayizali

Written by on 12 September, 2023

By: Xolani Khumalo

Umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi esifundazweni usunxuse abazali ukuba iso labo libe bukhali ezinganeni zabo ukuqinisekisa ukuthi ziphephile ngaso sonke isikhathi.

Lesimemezelo siza emva kwesigameko lapho umntwana wentombazane oneminyaka engu- 6 ubudala waseMpendle maphakathi nesifundazwe kubikwa ukuthi udlwengulwe ngumalume wakhe kanye noyise ongamzali.

Umalume walomntwana usolwa ngokuthi ubehlale enukubeza lengane ebihlala nogogo wayo, kanti kuthe ngengathi ivakashele unina yaphinde yadlungwa yisoka lika nina.

Ithimba losonhlalakahle bomnyango, izinhlangano ezingenzi nzuzo kanye nomphakathi namuhla babhikisha ngaphandle kwenkantolo yemantshi yaseMpendle ukuba labasolwa banganikwa ibheyili.

Oyisikhulumi somnyango uMhlaba Memela uthi bafisa ukubona ubulungiswa benzeka.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background