By: Pamella Majola
UMeya kaMaspala wesifunda iLembe enyakatho ye KZN uThobani Shandu uthi njengoba sekuqale isikhathi samaholidi kaDecember lomkhandlu unethemba lokuthi uzokwenza imali engaphezulu kuka 200 million wamarandi kulonyaka.
UShandu usho kanje ekhuluma nabezidaba njengoba iLembe enterprise ibambe isithangami kukhona nezimeya ngaphansi kwalomaspala.
Lesithangami seziveze nokuthi ezokuphepha zizobe ziqinile, njengoba sebenezinhlelo zokuvimba ubugebengu bezobucwepheshe, obusetshenziswa izigebengu uma izivakashi zizama ukuqasha izindlu zokuhlala isikhashana.
Usekela sihlalo weEnterprise iLembe uGeoffrey Khumalo yena usenxuse izakhamuzi kanye nezivakashi ukuthi zijabule ngokuzibheka ziphinde zigweme izingozi ezingenasdingo.
Kanti okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshuinda uthi ukwanda kokubonakala kwamaphoyisa emphakathi, kwehlise izibhalo zobugebengu kakhulukazi eNanda kanye naKwaDukuza.




