Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Isilo uMisuzulu ka Zwelithini sesinxuse ukuthula endlunkulu, sikhala ngokuthi ukungezwani kwabantwana basendlunkulu kaZulu kubulala umsebenzi walabo asebakhothama wokuqinisekisa ubumbano nokubekezelelana ebukhosini.

Ungangezwe lakhe usephinde wagcizelela nokubaluleka kokuhlonishwa kwesihlalo sobukhosi.

Isilo sisho kanje ngesikhathi sibambe imbizo izolo esigodlweni Emashobeni, oPongolo, enyakatho ne Kwazulu-Natal lapho inkulumo yaso ibigxile kakhulu ekugqugquzeleni ukuthula nobumbano, saphinde sakhuluma nangobuholi kanye nezingqinamba ezikhona esizweni.

Ingonyama isiveze nokuthi ibikhathazeke kakhulu ngaphambi kokuthi inkantolo yokudluliswa kwamacala ikhiphe isinqumo esivuna yona kanye noMengameli uCyril Ramaphosa.

“Asithembakaleni siyindlunkulu, ngibhekisa ikakhulukazi kwizindlu ezilayikhaya. Nina besilo kuningi engifisa ukuba ngikusho. Ibuhlungu lento ngoba umama ongizalayo osazithulela kuqanjwe amanga ngaye esethulile,” kusho Isilo.