Skip to main content

By Samkelo Biyela

Isilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sithi sikhathazekile ngesihlava sokubulawa kwabantu besifazane nezingane esikubona kuqhubeka kulesisifundazwe.

UNgangezwe lakhe wethule inkulumo yosuku ngenkathi kuqhubeka UMkhosi Wesivivane esiGodlweni eMashobeni enyakatho neKZN ngempelasonto. UMkhosi weSivivane wenziwa njalo ngo-August okuyiNyanga yabantu Besifazane.

Kulo mkhosi kuthuthukiswa abesifazane kuphinde kuqhakanjiswe iqhaza labo emphakathini. Isilo sifakele amadoda inselelo yokuthi kube iwona ahamba phambili uma kuqhubeka imikhankaso elwisana nokubulawa kanye nokucindezelwa kwabantu besifazane.

Isicelo Esibhekiswe kumadooda akwaZulu

Yize bekungumhlangano obhekene nabesifazane, UNgangezwe lakhe udlulise izwi kumabutho kanye nabesilisa bakwaZulu bebonkana, egcizelela ukuthi amazwi akhe ayisicelo esikhethekile.

Isilo siphawule sathi, “Amabutho…bantu besilisa baKwaZulu, kungumsebenzi wenu ukuthi nivikele omama nezingane. Noma ngabe uyabona ukuthi nakhuya kuyonakala, musa ukuba ligwala uthi, ‘ha! kuyothiwani, awuthi ngibaleke.’ Uma ubona ukuthu nayi inkinga, qonda khona.”

OkaNdaba uqhubeke wakubeka kwacaca ukuthi lamazwi ayisikhumbuzo salokho okwakuyinkolelo kababa wakhe, Isilo uGoodwill Zwelithini kaBekuzulu osakhothama.