By: Buhle Mbhele
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi inkulumo kazwelonke ebanjelwe ePitoli izovula ithuba lokuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zitholele izimpendulo kubona ngqo abaholi beminyango kahulumeni kanye namabhizinisi kahulumeni ama SOE.
Usekuvumile ke nokho ukuthi ziningi izinkinga lelizwe elibhekene nazo, futhi nabahlali babona sengathi abaholi babashaya indiva.
URamaphosa usho lokhu ngenkathi ethula inkulumo yakhe yokuvula ngokusemthethweni i-National Dialogue eqhubeka ePitoli namhlanje.
Lengqungquthela ezogoqwa ngeSonto ihlanganise abantu abammele imikhakha eyahlukene ukudingida izindlela uhulumeni angathuthukisa ngazo iNingizimu Afrika.



