Skip to main content

By: Pamella Majola

Izinhlangano ezangamele ukongiwa kwemvelo Isimangaliso Wetland Park Kanye ne-ezemvelo KZN Wildlife zithi kusazoqhubeka ukusebenzisana kwazo nezinhlangano ezizimele, uhulumeni Kanye nemiphakathi ezinhlelweni zokuthuthikisa imvelo kulesifundazwe.

Lezinhlangano zibambe isithangabi nabezindaba ukuzonikela ngezikebhe ezingu-6 ngokubambisana nomnyango wezemfundo eKZN.

Imiphakathi eyakhelene nesiqiwi esangemelwe Isimangaliso Wetland Park, nokubalwa nendawo yaseMadlangula, ibhekene nezinselelo okuhlanganisa ukungakwazi ukufinyelela kwezinye izindawo, uma imifula igcwele.

Lemiphakathi ibhekana nobunzima ngisho kufanele uyofihla izihlobo zayo.

Oyiskhulu esiphezulu eSimangaliso uSbusiso Bukhosini uthi injongo yabo ukusiza imiphakathi abakhelene nayo:

Uqhuba ngokuthi sebekulungele ukuthatha zonke izindawo zabo, ebezenganyelwe Ezemvelo KZN Wildlife.

Oyiskhulu kwa Ezemvelo KZN Wildlife uSihle Mkhize uthi izikhebe ezimbili abanikele ngazo, zizoqinsekisa ukuthi ngisho lezi ezinye zingaba nenkinga yenjini, ezabo zizosebenza ngoba zigwedlwa ngezandla.

Umphathi womnyango wezemfundo eKZN uNkosinathi Ngcobo, uthi umnikelo wezikebhe emphakathini uzosiza ekutheni abantu kanye nezingane zesikole bahambe kalula baye ezikoleni nasezikhungweni zempilo:

Amalungu omphakathi athi loluxhaso lusize kakhulu, njengoba luze ngisho namathuba okuxosha ikati eziko.