Skip to main content

By: Pamella Majola

Izishoshovu zamalungelo abantu nokubalwa kuzo ongumzukulu kaloyo owayenguMengameli wokuqala wentando yeningi kulelizwe uNelson Mandela, uMandla Mandela, sezibuyile eNingizimu Afrika.

Ngesonto eledlule, laba bathunjwa ngamasosha akwa Israel ngesikhathi kuhlaselwa umkhumbi abebehamba ngawo belibangise eGaza ukuyonikela ngosizo.

Lomkhumbi iGlobal Summud Flotilla ubuthwele abantu abavela emazweni ahlukene, beyonikela ngosizo eGaza.

uMandela ekhuluma esikhumulweni sezindiza eOR Tambo eGauteng, egcwele izinyembezi ebusweni usebeke kanje.

“Sifuna ukuqalangokubonga kakhulu abesilisa nabesifazane abenze le Global Summud Flotilla yenzeke, bahlala besebenza ngokuzikhandla bengafune kwaziwa nakugqanyiswa.

“Sifuna ukunibonga nonke ngokwehlukana kwenu. Mangiqhakambise futhi nabaxhasi bethu, abaningi bethu abanazo izinsiza-kusebenza ezifanele ukwenza lomsebenzi.” kusho uMandela.