By: Xolani Khumalo
Inkantolo yesifunda yaseMadadeni isigwebe owesifazane oneminyaka engu-22 ubudala udikilajele kulandela ukulahlwa yicala lokubulala ingane yakhe encane ebinonyaka owodwa vo izelwe.
Lesigameko senzeke ngo October ngonyaka owedlule Osizweni eNyakatho yeKZN.
Kubikwa ukuthi uyise wengane waphuma endlini washiya ingane idlala nomama wayo, kwathi uma ebuya wafica umama wayo eseyigonile, kodwa isithule ingasanyakazi.
Ukuhlolwa kwesidumbu kuveze ukuthi umntwana wabulawa ngokuncishwa umoya.
Lowesifazane ovume icala uthi lesisenzo wasenziswa ukudinwa, ngemva kokuxabana nobaba wengane.
Okhulumela uphiko lwezokushushiswa komphakathi eKZN uNatasha Ramkisson Kara uthi iNational Prosecuting Authority (NPA), isazoqhubeka nokuqikelela ukugcinwa kwengalo yomthetho, futhi izoqhubeka nokuvikela isithunzi kanye namalungelo abantu emphakathini ikakhulukazi izingane kanye nabanye abantu abangakwazi ukuzilwela.



