By: Nokwanda Tema
IKhomishana kaMadlanga ephenya ngesinsolo ezenziwa uKhomishana wamaphoyisa akwaZulu Natali uNhlanhla Mkhwanazi kulindeleke ukuthi iphinde ihlale namuhla kulandela ukubambezeleka isonto lonke.
Ukwethula kobufakazi namhlanje kuzoba ngasese, abezindaba kanye nomphakathi ngeke bavumeleke ngaphakathi ngenxa yobucayi bobufakazi obuzokwethulwa uphiko lwezobunhloli.
Oyisikhulumi salekhomishana u-Jeremy Michaels uthi isinqumo sokuqhubeka nalesithangami ngaphakathi kweminyango evaliwe sihlose ukuvikela ofakazi kanye nokugcina ubuqotho bophenyo ngenkohlakalo nokugxambukela kosombusazwe ohlelweni lwezobulungiswa.
“uLieutenant General Dumisani Khumalo, inhloko ye-SAPS Intelligence ngeke ifakaze ngalesi sikhathi. IKhomishini ifuna futhi ukucacisa ukuthi ihlala izinikele ekuqinisekiseni iqiniso, kusho uMichaels.”





