By: Sthulile Mdletshe
Amehlo azobe ethe njo kukhomishana yezobulungiswa eholwa iJaji u-Mbuyiseli Madlanga okulindeleke ukuthi ihlale kusukela kusasa.
Lekhomishana izophenya ngezinsolo ezenziwa ukhomishana wamaphoyisa waKwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhwanazi wabhoboka ngenkohlakalo athi idla lubi emaphoyiseni, esola nezikhulu kanye nosopolitiki abathize ngokuba ongqondongqondo.
Lezinsolo zaholela ekutheni uMengameli uCyril Ramaposa amise uNgqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu kuze kube kuphothulwa uphenyo.
Wabe esesungula ikhomishana kaMadlanga ukuthi iphenye ngalezinsolo zika Mkhwanazi.
Okhulumela iMadlanga Commission u-Jeremy Michaels, usenxuse abazothamela lesi sigcawu ukuthi bafike kusanesikhathi ngenxa yezokuphepha nendawo yokuhlala enganingi kakulu.
“People attending will be seated on a first come first serve basis. Another reason for early arrival is that strict access control measures will be in place, and no unauthorised entry will be. Members of the public should note that parking at the justice college is very limited, and it is therefore advisable to seek alternative parking,”kusho uMichaels.



