Skip to main content

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, osekhefini, kulindeleke ukuthi ethule ubufakazi phambi kweKhomishini kaMadlanga namuhla.

UMchunu usolwa ngokuzibandakanya nombimbi lwama lwamaqembu emigulukudu, nokusebenzisa isikhundla sakhe sezepolitiki ukuvikela labo abaphenywa ngamacala obugebengu.

Wazichitha lezi zinsolo ngesikhathi evele phambi kwe parliament Ad hoc committee, wathi azinasisekelo.

Okhulumela ikhomishana kaMadlanga, uJeremy Michaels, uthi bangene esigabeni sesibili sophenyo, lapho abathintekayo benenikwa ithuba lokuziphendulela, baveze izincazelo zabo noma baphikise izinsolo ezibhekiswe kubo.

Ikhomishana izoqala ngo 2:00pm namhlanje ntambama ukulalela ubufakazi kuba Mchunu, njengoba ekuseni izophothula ukulalela ubufakazi bukaloyo owayeyimenenja kamaspala wase Kurhuleni eGauteng u-Imogen Mashazi.