By: Sithabile Majola
Umnyango wezokuthutha KwaZulu-Natal usuveze ukukhathazeka ngokukhuphuka kobugebengu okuhlukumeza abasebenzi bawo kanye nokuntshontshwa kwempahla nezimoto zalomnyango.
Lokhu kulandela izigameko ezimbalwa ezenzeke endaweni yaseMzinyathi eThekwini, lapho khona abasebenzi bekhonjwe ngezibhamu base baphucwa izimoto zomsebenzi.
Okhuluma ngalesisigameko uSboniso Mbhele oyinhloko yoMnyango Wezokuthutha uthi ucela umphakathi usukume ubasize ukubamba zonke izigilamkhuba zalezizenzo.
Uthi yize kungekho abasebenzi abasashonile, kodwa kubalulekile ukuthi lezizigebengu zitholwe bese ziyaboshwa, ngoba zibuyisela emuva umsebenzi wokuzama ukuthuthukisa umphakathi.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/Y3LQ4zm3zG7zBN&podcast_id=458f31a4-d350-47f7-9ca3-45e52b764ad5″ width=”100%” height=”200″]