Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Amaphoyisa KwaZulu-Natal aphenya amacala amathathu okubulala ngemuva kokuthi umsolwa ongunogada egasele loyo owayeyisinqandamathe sakhe eNhlalakahle, ePietermaritzburg wadubula wabulala abantu abathathu.

Kukholakala ukuthi kube nengxabano phakathi kwamsolwa nalowesifazane owayeyintombi yakhe nayifice ihleli nesoka layo elisha neholele ekutheni umsolwa avulele ngenhlamvu abulale lo owesimame, isoka kanye nengane.

Omunye umntwana amdubulile uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uRobert Netshiunda, uthi zimkhalele umsolwa nobanjwe ngemuva kokuba esezibulile ngemizamo yokuthatha impilo yakhe.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/DQ49XL4K3Jq1Jn&podcast_id=affcb5f1-1026-4360-969c-81427bf1ed5d” width=”100%” height=”200″]