Skip to main content

By: Pamella Majola

Abomthetho sebekuqinisekisile ukuthi ezokuphepha zizobe ziqine ngqi emdlalweni webhola omkhulukazi ozoba senkundleni i Moses Mabida eThekwini ngempelasonto.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eMayville eThekwini uNgqongoshe wezokuthutha eKZN uSboniso Duma, unxuse abashayeli abangabathandi bebhola ukuthi benze isiqinseko sokuthi balandela yonke imithetho yomgwaqo uma beza noma sebebuya kulomdlalo.

Uqhuba ngokuthi abazophuza amanzi aphonjwana kuzomele baqiniseke ukuthi abashayeli, ukuze bagweme ukuziqhatha nengalo yomthetho kanjalo nokudala izingozi.