By: Nompendulo Ngubane
Amaphoyisa esifunda UMgungundlovu aseqinisekise ukuvulwa kwecala lokushisa nokugqekezwa kwesikhungo semfundo njengoba kushiswe isikole samabanga aphezulu iMpolweni, eMshwathi ngaphandle kwedolobha iPietermaritzburg.
Lokhu kulandela ukushiswa nokugqekezwa kwamagumbi alesi sikole.
Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal nawo ususiqinisekisile lesi senzo waphinde wasigxeka njengoba senzeka ngesikhathi lapho abafundi baka grade-12 bebhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka.
Okhulumela amaphoyisa esifundeni UMgungundlovu uSfiso Gwala usho kanje mayelana nalesi sigameko.
“Bathe uma bephuthuma khona bafica amakilasi angu-2 esha, kuthe uma eseqedile ukusha- bathola ukuthi kugqekeziwe ku admin block.
“Ngokwamanje bathi okhiye akuwo lama class abaziwa ukuthi bakuphi, kanti okwamanje akwaziwa ukuthi ngubani ogqekezile,” kubeka uSfiso Gwala.





