Skip to main content

By: Bright Ntuli

Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali u-Nhlanhla Mkhwanazi usekhiphe umyalelo wokuthi limiswe ngokushesha iphoyisa ebelibonakale kwi video esisabalale ezinkundleni zokuxhumana lifake umfaniswano we-MK Party.

Leli phoyisa lisebenza esiteshini samaphoyisa eNtambanana esifundeni iKing Cetshwayo enyakatho ye KZN.

Okhulumela amaphoyisa, uRobert Netshiunda, uthi umthetho owengamele ukuziphatha kwamaphoyisa i-South African Police Service Act awukuvumeli ukuthi iphoyisa liveze esidlangalaleni noma lizwakalise ukweseka kwalo noma ukuzihlanganisa nanoma yiliphi iqembu lezepolitiki.

Uqhuba ngokuthi amaphoyisa awavumelekile ukuthi azibandakanye embonini yezokuphepha, eyotshwala noma yamatekisi, kanti uzophinda acele i-Private Security Regulatory Authority ukuthi iphenye kabanzi ngezinsolo zokuthi leli phoyisa linenkampani yonogada esebenza ngokuhlinzeka ezokuphepha okuseqopheleni eliphezulu neminye imisebenzi yonogada.