Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Amaphoyisa akulesifundazwe asethumele umyalezo oshubile kulabo abaganga ngezinsiza zikaHulumeni babike emaphoyiseni amacala angekho.

Lokhu kulandela ukuthi kuboshwe owesifazane oneminyaka engu 26 ubudala eMelmoth endaweni yakwaMagwaza enyakatho ye KZN obhalise isitatimende esifungelwe emaphoyiseni wavula icala lokuthi uphucwe usana lwakhe olunezinyanga ezintathu nje vo luzelwe.

Okhulumela amaphoyisa aseKZN uZabathembu Mthembu uthi kuthe amaphoyisa uma ephuma umkhankaso ethungatha lolusana, emuva kwamahora amade kwabesekutholaka ukuthi lo wesifazane akaze nje abe nomtwana.

“Omunye wesifazane oneminyaka engu 21 ubudala, naye uzovela enkantolo yemantshi yaseMadadeni ngoLwesibini mhlaka ka 16 kulenyanga kulandela ukuthi enze isitatimende isifungiwe ethi unukubezwe wumalume wakhe ngokocansi. Kodwa emva kophenyo amaphoyisa athole ukuthi lemibiko ingamampunge. Ukubika icala elingenzekanga kulicala elibomvu, kanti amaphoyisa azoqinisa isandla kulabo abamosha izinsiza kusebenza ngokuvula lamacala,” kuchaza uMthembu.