By: Noluthando Mchunu
Inyunyana yabasebenzi iNehawu eKZN isisishayele ihlombe isinyathelo somnyango wezempilo esifundazweni sokuqasha ngokugcwele oNompilo abangaphezu kuka-5 000.
Labasebenzi banikezwe izincwadi zabo zokuqashwa ngokuphelele ngungqongqoshe uNomagugu Simelane izolo ePrincess eMagogo Stadium Kwa Mashu enyakatho yeTheku.
INehawu yafaka isicelo enkantolo sokuthi labasebenzi abahamba imizi nemizi behlinzeka umphakathi ngosizo lwezempilo, baqashwe umnyango ukuze babenamalungelo afanayo nabanye abasebenzi.
Unobhala weNehawu eKZN uAyanda Zulu uthi yize ingxenye yokuqala yo-nompilo abaqashiwe kuyilabo abano Matric kodwa basazoqinisekisa ukuthi nalaba abangenabo bayaqashwa ngoba isinqumo senkantolo asishongo lutho ngokuthi kumele kuqashwe abonoMatric kuphela.


