By: Phakeme Mnguni
Umlisa (50) ongowokufika kulelizwe oqhamuka eDar es Salaam eTanzania, usekhalelwe ngamasongo kasigonyela emva kokubanjwa oqotsheni ezama ukugqekeza emzini thizeni eLotusville, eVerulam enyakatho nedolobha iTheku.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa, bathi lomlisa ubanjwe ngumfanyana wakulomuzi kade ethi uyagqekeza, wabaleka ngemoto nokuholele ekutheni ajahwe yibo lonogada.
Bathi lomlisa igcine imphunyuka imoto washayisa, nokuthe uma isimile- ozakwabo ababili bavulela ngenhlamvu bebhekise konogada.
Baqhuba ngokuthi ozokwabo abangu-3 bagcine sebebaleka beshiya indawo yesigameko, wasala yedwa.
Emotweni yabo kutholakale amathuluzi ekade bewasebenzisa ukugqekeza imizi.
Lomlisa kubikwa ukuthi usehlale kuleli iminyaka engu-20 nge-Visa yesikhashana yokufuna indawo yokukhosela (Asylum Seeker Temporary Visa), kanti ozakwabo laba ababalekile bona imibiko ihlongoza ukuthi baqhamuka ezweni lase Burundi.
Kanti usedluliselwe esitokisini samaphoyisa aseVerulam.





