By: Bright Ntuli
Oyimenenja ka maspala weTheku uMusa Mbhele uthi unethemba lokuthi amaqiniso azovela obala ngezinsolo abekwe zona zokuhlukumeza abasebenzi balomasipala.
Ekhuluma ne GagasiFM, uMbhele uthi uphenyo lwangaphakathi lomkhandlu selimuthole engenacala ezinsolweni abenukwa kuzo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekuqaleni kwalonyaka kwasabalala nevideo ezinkundleni zokuxhumana lapho kwavela khona owesifazane owayesebenza ngaphansi kuka Mbhele ekhala ngokuthi lomholi wamhlukumeza ngokocansi.
UMbhele eziphendulela, uthi umkhandlu usudlulisele uphenyo ngalesigameko enkampanini yabaphenyi ezimele.



