Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Isikhungo esibhekele izibonelelo zikahulumeni i-South African Social Security Agency (SASSA) sesixwayise abahlomula ngezibonelelo ukuthi bengalinge badlale abantu abafuna ukubakhokhisa imali ekuthenini bathola usizo kwa-SASSA.

Lesikhungo sithi sekube nemibiko emayelana nabantu abathile abafuna abantu abasuke bezobhalisa kwa-SASSA izimali ukuze bona babasheshisele izicelo zabo, ukuze baluthole ngokushesha usizo abaludingayo.

Okhulumela uSASSA uAndile Tshona uthi lokhu akuvumelekile neze futhi uma kukhona abakwenzayo kumele babikwe ukuze ingalo yomthetho idlale indima yayo.

Usexwayise imphakathi futhi ngalabo bantu abangena imizi nemizi bezenza izithunywa zakwa-SASSA.