Buhle Mbhele
Amaphoyisa KwaZulu-Natal asekhiphe umklomelo ka 50 thousand wamarandi kunoma ubani ongaba nolwazi olungaholela ekutholakaleni kwesidumbu sengane eneminyaka emithathu ubudala ekusolwa ukuthi yashaywa yisoka lika nina yaze yafa eKokstad eningizimu ye KZN.
Lengane selokhu yanyamalala ngo December wonyaka odlule, kanti abomthetho bathi baze babikelwa ngokulahleka kwayo ngo January.
Abakwasidlodlo bathi nomama wengane ke useboshiwe wethweswa icala lokungabiki ngokulahleka komtanakhe kusenesikhathi.
Kuthe eseboshwa waveza ukuthi isoka lakhe elingubaba wayo ingane alimtshelanga ukuthi lisigqibephi isidumbu sengane.
Oyisikhulumi samaphoyisa esifundazweni, uThenjiswa Ngcobo uchaze wathi, ” Umama womfanyana wabe esetshela amaphoyisa ukuthi isoka lakhe elineminyaka ewu-43 lashaya lengane eneminyaka emithathu lisola ukuthi ilahle i-USB.”
U-Ngcobo uphinde waveza nokuthi phakathi kwabazali bobabili, uyedwa obe nenhlanhla yokudelelwa nge bail.
“Bobabili bavela phambi kwenkantolo yeMantshi ese Kokstad la umawengane owathola khona i bail. Isoka lakhe labuyiselwa ngaphakathi ngalenkathi amaphoyisa esaqhubeka nophenyo.”
Lalela izwi lika Ngcobo ngezansi…
Incwadi kamhleli- I-Gagasi FM News iyaqhubeka nokulandela loludaba njengoba luqhubeka.







