Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Inkantolo yesifunda e-East London e-Eastern Cape isilihlelisele umhlaka 29 September icala lokuqhumbisa isibhamu esidlangalelani elibekwe umholi we-EFF uJulius Malema.

UMalema kanye nowayengunogada wakhe uAdriaan Snyman babhekene necala lokutholakala nesibhambu esingekho emthethweni kanye nokuphathwa kwaso budedengu.

Lamacala asuka ngonya ka-2018 ngenkathi iEFF ineRally lapho kusolakala khona ukuthi uMalema waqhumisa lesibhamu esidlangalaleni.

Okhulumela uphiko lwezokushushiswa komphakathi iNPA uLuxolo Tyali, uthi ngokwabo sebewenzile umsebenzi wokuthi agcine ejezile uMalema kodwa ke konke sekulele esinqumweni sikaMantshi uTwanet Olivier.