By: Xolani Khumalo
Umnyango wezokuthutha kuzwelonke usumemezele ukuthi sekuhlehliselwe umhlaka-1 July wangonyaka ozayo ukuqaliswa kohlelo i-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences ebekumele luqale ngenyanga ezayo ngomhlaka 1-December.
Lolu-ke uhlelo lokuqinisa imithetho yomgwaqo ngenhloso yokugqugquzela ukuphepha kunciphe nezingozi zomgwaqo, kanti ngalo abashayeli abaphula umthetho womgwaqo bengazithola benikwa izijezo ezahlukene ezingaholele nasekutheni umshayeli agcine esemiswa ukushayela izinyanga ezintathu kuya kweziwu 9.
Umnyango uthi ukuqalwa kwaloluhlelo kuhlehle ngenxa yokutholaka ukuthi oMaspala abaningi bebengakahlelisisi kahle.
Okhulumela umnyango uCollen Msibi uthi kusafanele kuqeqeshwe abomthetho kanye nabo bonke abazobe besingethe lomsebenzi.
“Ukuhlehlehliswa kwaloluhlelo kuza emva kokuthi umnyango wenze ucwaningo lokuzilungiselela komasipala abazoba yingxenye yesigaba sokuqala sokuqalisa ukusebenza kwalo,” kubeka uMsibi.
Uthi ezinye zezinto ezihlonziwe ngesikhathi kuhlolwa, zihlanganisa ukuphothulwa kokuqeqeshwa kwabomthetho, abasemahhovisi kanye nokuhlanganisa uhlelo olukhona manje lokugcinwa komthetho olusetshenziswa oMasipala abehlukene.
UMsibi uthi umnyango wezokuthutha uzosishicilela isimemezelo esisha esinezinsuku ezintsha zokuqalisa ukusebenza kwe AARTO.



