By: Pamella Majola
Inkantolo enkulu yasePietermaritzburg, inikeze uSabelo Phewa odilikajele ababili emva kokulahlwa amacala okubulala, elokuzama ukubulala kanye nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
UPhewa waboshwa emva kophenyo olwenziwa yithimba elaliphenya ngokubulawa kosopolitiki ngo-2018 kulandela ukudutshulwa kubulawe kwalowo owayeyimenenja kamaspala waseRichmond maphakathi ne KZN, uSibusiso Sithole.
Inkantolo isithole nokuthi uPhewa wabulala nosomabhizinisi u-Amos Ngcobo, ngesibhamu abulala ngaso uSithole.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uAthlenda Mathe uthi ngaphezulu kwesigwebo sodilikajele, uPhewa usephinde wanikwa neminyaka engu-5 ngokuzama ukubulala iphoyisa, engu15 ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye neminye engu-5 ngokutholakala nezihlamvu.
OyiMeya kaMaspala waseRichmond uMmelikhaya Ngcongo uthi bayasamukela lesisigwebo.
Khonamanjalo okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisa eKZN uSenzelwe Mzila, uthi ungqongqoshe uThulasizwe Buthelezi usesincomile lesisigwebo, uthi sitshengisa ngokusobala ukuthi ingalo yomthetho akukho la ingafinyeleli khona.
“




