By: Xolani Khumalo
I-Freedom Front Plus isidlulise isicelo sokuthi ilunga le ANC uMalusi gigaba kanye nele MK Party uBrian Molefe besule ephalamende.
Lokhu kulandela ukubandakanyeka kuka Gigaba kanye no Molefe ezinsolweni zenkohlakalo yokukhishwa kwethenda lakwa Transnet ngo-2014.
Lelithenda lezitemela lakhishwa ngenkathi uGigaba esawu Ngqongqoshe wamabhizinisi kaHulumeni kanti kwatholakala ukuthi akulandelangwa imigomo efanele ngokukhishwa kwalo, njengoba kuthiwa leqa umthetho olawula ukuphathwa kwezimali zomphakathi i-Public Finance Management Act.
UGigaba yize engasulile njengelunga lephalamende uthathe isinqumo sokuthobela umthetho ka-Step Aside weANC – okusho ukuthi usazothi ukuma kancane emisebenzini yeqembu, aze ageze igama lakhe.
“Kulonyaka uhulumeni usezibophezele ekutheni aphinde anike inkampani uTransnet isamba semali engu-R51 Billion, ukuze izokwazi ukuqhubeka nokusebenza.
“Amahlathi asebaphelele labo abenza inkohlakalo kuleli, kanti bonke laba abakhohlakele kuzomele bathole isijeziso esibafanele,” kubeka okhulumela iFFPlus uPhilip Van Staden.



