By: Bright Ntuli
UMqondisi kazwelonke wophiko lwezokushushiswa komphakathi uShamila Batohi uthi bazokwenza konke okusemandleni ukulanda izelamani zakwaGupta, eziphesheya kwezilwandle zizobhekana namacala azo eNingizimu Afrika.
Isicelo seNational Prosecuting Authority sokubuyisa u-Atul no-Rajesh Gupta e-United Arab Emirates sanqatshwa ngoApril ka-2023.
Bobabili basolwa ngamacala okukhwabanisa kanye nokugwamanda amandla ombuso.
UBatohi utshele ikomidi lePhalamende iAd Hoc ukuthi izwe lonakele nje yiwo ama-Gupta ashiya emoshile.
“Sizofaka isicelo sokuba lezelamani zibuyiswe ngokusemthethweni kuleli. Inkohlakalo ishiye elakuleli libhekene nezingqinamba eziningi, kuzo ekubalwa ukugqoza kokuthuthwa kwendle, ukuntuleka kwamanzi, imigwaqo ebhedayo- Ingqalasizinda yabantu yebiwa ngama Gupta esebenzisana nabanye bakuleli.
”I-extradition iba inqubo yezepolitiki.Angeke sikwazi ukuithembisa okuningi ngoba iyinqubo yelinye izwe, kodwa ohlangothini lwethu sizokwenza ngakho konke okusemandleni,” kubeka uBatohi.



