Skip to main content

By: Bright Ntuli

Umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi kuzwelonke uthi ukhathazekile ngokuphuzwa ngokweqile kotshwala kulelizwe.

Uqhuba ngokuthi usuqale nophenyo kulandela ivideo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho kubonakala khona inqwaba yezingane ezincane ziphuza utshwala.

Kulevideo ekukholakala ukuthi ithathwe emzini mumbe ngoKhisimusi esifundazweni sase Eastern Cape, kubonakala izingane ziphuza ama dumpy ka beer kanye nabantu abadala,1§ phakathi kwazo kukhona ngisho nezibukeka sengathi zineminyaka engaphansi kwemihlanu ubudala.

Umnyango uthi lokhu kuphambene nomthetho olawula ezezingane i-Children’s Act.

Oyisikhulumi somnyango wakwa DSD uSandy Godlwana, usekhumbuze imindeni ukuthi kuyijoka layo ukuvikela izingane ikakhulukazi ngalesikhathi samaholide.