By: Buhle Mbhele
Ungqongqoshe wezokuthutha KwaZulu-Natal uSiboniso Duma uthi usethumele ithimba i-Provincial Regulatory Entity ukuthi liyohlangana nesoseshini yamatekisi aseClermont naKwaDabeka entshonalanga yeTheku mayelana nesiteleka samatekisi esiqhubeka kulendawo.
Okhulumela ungqongqoshe uNdabezinhle Sibiya uthi bobabili labososeshini babambe umhlangano nophiko lwamaphoyisa omgwaqo kamasipala weTheku izolo uxoxisana mayelana naloludaba.
Namhlanje ke, abagibeli bamatekisi bazithole beswela izimoto ezingababeka emisebenzini nasezikoleni njengoba amatekisi eme nse ukusebenza kulandela ukushaqwa kwamatekisi angu 25 ngoLwesihlanu olwedlule ngenxa yama permit.
USibiya uthi ungqongqoshe wezokuthutha usenxuse ukuthula phakathi kwalezimboni njengoba izingxongxo ziqhubeka.
“Uyakugcizelela ungqongqoshe ukuthi kufanele sisebenzisane la KwaZulu-Natal sakhe isithombe sesifundazwe esisebenza kanzima ukwakha ikusasa eliqhakazile, sakhe isithombe sokuthi siyasebenzisana sonke sifisa ukuthi kube nenqubekela phambili.
Uma ngabe kukhona la ekunezingqinamba khona kodwa sisebenzisane ukuqikelela ukuthi iKwazulu-Natal yaziwa njengesifundazwe esikwaziyo ukuthi sixazulule izinkinga futhi esikwaziyo ukuthi siqhubekele phambili sisebenzisane ukuze kube nekusasa eliqhakazile,” Ndabezinhle Sibiya.


