By: Pamella Majola
Umnyango wezokuthutha KwaZulu Natali uthi uzosebenzisana neminyango okubalwa kuyo owezempilo kanye nowezemfundo, ukulekelela izingane ezilimale engozini eyenzeke ngenkathi itekisi lishayisa inkulisa e-unit 18 eMbali ePietermaritzburg.
Kulengozi kulimale izingane ezingu-9, kwathi ezing-5 zashona ngemva kokuthi itekisi ebezihamba ngalo liphunyuke umshayeli layoshayisa inkulisa esendaweni, labhodloza udonga kwelinye lamagumbi.
Ngenhlanhla ke azikho izingane zasenkulisa ezilimalile kulesigameko.
Oyisikhulumi somnyango uNdabezinhle Sibiya uthi ungqongqoshe uSiboniso Duma uzosondela nasemindenini eshonelwe yizingane zayo kulesibhicongo.
“Uthi abantwana okuyibona abasezibhedlela bayakwazi ukuthi bathole usizo nokuthi basondele emindenini njengoba kukhona abangu-5 abasezibhedlela eNorthdale, Edendale kanye nase Mbalenhle clinic.
Uphinde wagcizelela ukuthi uzosebenzisana no MEC wakwa Education uSipho Hlomuka, ukuqinisekisa ukuthi kuyasondelwa emindenini nase sikoleni Isenzokuhle Pre-School njengoba sonakele kakhulu nokuthi kubhekwa ukuthi ikuphi okungenziwa ukusiza othisha nabantwana aba bone lengozi yenzeka,”kusho uSibiya.







