Skip to main content

By: Bright Ntuli

Inkantolo kamantshi e-East London e-Eastern Cape, kulindeleke ukuthi yethule isinqumo sayo namhlanje ngecala elibhekene nomholi we-EFF u-Julius Malema kanye nonogada wakhe u-Adriaan Snyman.

Laba bobabili babhekene namacala ekubalwa kuwo ukuqhumisa isibhamu esidlangalaleni, nokuyinto ephambene nomthetho i-Firearms Control Act.

Lesigameko senzeka ngo-2018 e-Mdatsane khona e-Eastern Cape ngesikhathi i-EFF igubha iminyaka emihlanu yasungulwa.

Kanti ke u-Malema beno Snymaan sebewaphikile lamacala njengoba bethi lesibhamu sasiyithoyizi ngakho sasingeke silimaze muntu.

U-Malema uqhuba ngokuthi uyasola ukuthi lelicala alivulelwa yinhlangano yamabhunu i-Afriforum linenhlese yezepolitiki kanjalo nokucwasa ngokwebala.