Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Umholi weEconomic Freedom Fighter uJulius Malema osanda kulahlwa yicala lokuqhumisa isibhamu esidlangalaleni uthi uzosidlulisela enkantolo yomthetho sisekelo isinqumo senkantolo yase East London eEastern Cape emthole enecala.

Usetshele abalandeli beqembu ngaphandle kwalenkantolo ukuthi ngeke aphele amandla futhi usamile ekutheni lelicala belinenhlese yepolitiki kanye nokucwasa ngokwebala.

I-Mantshi uTwanet Olivier imthole enecala uMalema namhlanje kulandela ukuqhumisa kwakhe isibhamu eralini yaleliqembu eMdantsane ngo-2018.

Kanti unogada wakhe uAdriaan Snyman abesolwa naye utholwe emsulwa kuwo wonke amacala abebhekene nawo.