Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Unobhala jikelele we-ANC uFikile Mbalula usegxeke amalunga eqembu asolwa ngokubandakanyeka ezenzweni zobugebengu nenkohlakalo kwikhomishana kaMadlanga.

Uthi bonke labo abazotholwa benamacala bazobhekana nethimba eliqondisa izigwegwe kwiANC.

UMbalula kumanje ubambe isithangami nabezindaba ekomkhulu le ANC i-Luthuli House eGoli, lapho ethula khona imiphumela yomhlangano wekomidi elibhekelele imisebenzi yeqembu.

Uqhuba ngokuthi abantu abafana noBrown Mogotsi abasolwa ngokubandakanyeka enkohlakalweni eqhubeka embuthweni wamaphoyisa futhi oyilunga leANC eNorth West, bangcolisa igama leqembu.