By: Zilungile Mkhize
Usomabhizinisi uBrown Mogotsi usezichithile izinsolo zokuthi ukuhlaselwa kwakhe eVosloorus eGauteng kwakuyinto ehlelwe nguye, ethi lokhu akusilo iqiniso, ngoba yena wacishe wafa.
UMogotsi ubethula ubufakazi kukhomishana kaMadlanga izolo.
Emasontweni amabili edlule, imoto kaMogotsi yadutshulwa ngentululwane lwezinhlamvu eVosloorus, empumalanga yeGoli, esigamekweni asola ukuthi kwakuhloswe ngaso ukumsoconga.
Amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala kanti nayo lemoto aphinde ayishaqa.
UMogotsi uthi kwacaca bha ukuthi kukhona abazama ukumthulisa nokumvimba ekutheni azokwethula ubufakazi bakhe kulekhomishana.
Uthi lesenzo saholela ekutheni aqashe onogada abazomlandela nsuku zonke.
UMogotsi wethule ubufakazi ngoLwesibili, watshela ikhomoishana ukuthi uKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi kanye neSilo uMisuzulu kaZwelithini, basebenzela uphiko lwezobunhloli lwaseMelika i-CIA ngenhloso yokufeza izimfuno namasu eMelika.
UMogotsi uphinde watshela ikhomishini ukuthi uVusimuzi “Cat” Matlala wamtshela ukuthi wahlangana noMkhwanazi lapho ehlala khona eMhlanga Ridge ukuze amnike isamba semali.



